Njengoba ukubhalisela inkampani enamasheya ezimali kuyisixaka-xaka , kunconywa ukuthi abenzi bezicelo badinga ukusebenzisa abameli bomthetho.
I-Memorandum kanye ne-Articles zenkampani kumele zenziwe kanye nokuhlela ukuthi zihambelane nenkampani ngaphandle kokuba namasheya kanti futhi lokhu kuqinisekiswe ngu-notary public oyiprofeshinali yezomthetho. Inkampani kawonkewonke , ingamukela iThebuli A kwifomu lesicelo ngokuphelela noma ngokuthi liguqulwe lihambelana nesidingo sekhastama, inqaba nje uma lisalandela umthetho wezinkampani we-Companies Act, 1973. Inkampani yangasese ingamukela iThebuli B kwifomu lesicelo ngokuphelele noma ngokuthi liguqulwe lihambelane nesidingo sekhastama ngokuphelele, inqaba nje uma lisalandela umthetho wezinkampani we-Companies Act, 1973.
Nikezela ngesigunyaziso somthetho kummeli womthetho, esichaza ukuthi umgunyazisa ukuthi enze izinto egameni lakho.
CM2: Imemorandamu yesivumelwano kanye nokunye - CM2A - CM2B - CM2C uma kunabanamasheya abangaphezulu koyedwa , noma i-2D, uma kunonamasheya oyedwa.
Kungathatha izinsuku ezifinyelela kwezinhlanu ukubhalisa inkampani enamasheya ezimali zokuqala umsebenzi.
